Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 24:18 - IsiZulu 2020

18 U-Edomi uyakuba yisabelo sakhe neSeyire izitha zakhe zibe yifa lakhe. U-Israyeli uyakudlondlobala ngamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Edomi uyakuba yifa; uSeyiri uyakuba yifa naye, owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 U-Edomi uyakuba yifa, iSeyiri libe yifa lezitha zakhe; futhi u-Israyeli uyokwenza ngesibindi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 24:18
15 Referans Kwoze  

ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi, nakho konke okwezizwe ezazibizwa ngeGama lami,” kusho uSimakade ozakukwenza lokhu.


Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”


Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”


Uma inkemba yami isidle yaneliswa ezulwini, iyokwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu engibamisele ukubabhubhisa ngesehlulelo.


Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile, ngoba usithukuthelele; ake usivuselele futhi.


UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,


Uyophila ngenkemba yakho, ube yisikhonzi somfowenu, kodwa lapho usumvukela uyolephula ijoka lakhe entanyeni yakho.”


U-Edomi wathi kuye: “Aniyukudabula lapha, funa ngiphume ngikusukele ngenkemba.”


Kuyakuvela umbusi kuJakobe oyocoboshisa insali emzini.”


“Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,


Uyabonake, ngiyakukwenza ube mncane kwabezizwe; ubukelwe phansi ngokwedlulele.


USimakade wavusa ozomelana noSolomoni, uHadadi wakwa-Edomi; owayengowendlu yenkosi yakwa-Edomi.


Kwathi uDavide ekwa-Edomi, uJowabe induna yempi, wenyuka wayongcwaba ababebulewe; wayebulele izindimbane zabesilisa bakwa-Edomi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite