Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 24:14 - IsiZulu 2020

14 Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Manje bheka, sengiya kubantu bakithi; woza, ngikwazise lokho lababantu abayakwenza kubantu bakho ekupheleni kwezinsuku.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 24:14
16 Referans Kwoze  

Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


Kepha yazi lokhu, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika izikhathi ezinzima.


Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukhadinezari okuyakuba khona ngezinsuku ezizayo. Iphupho lakho nemibono yekhanda lakho embhedeni wakho nakhu:


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


“Kepha kuyakuthi ngezinsuku zokugcina ngikuguqule ukuthunjwa kwe-Elamu,” kusho uSimakade.


Kepha ngiyakukuguqula ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” kusho uSimakade. Kuphela lapha ukwehlulelwa kukaMowabi.


Bayohlanganiswa ndawonye, njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini, bayovalelwa ejele, kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


UBhileyamu wasuka, wahamba, waphindela kwakhe, noBhalaki wabona eze ngayo.


Phakathi kwalabo u-Israyeli ababulala ngenkemba kwakungoBhileyamu, indodana kaBheyori owayengumbhuli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite