Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 24:10 - IsiZulu 2020

10 UBhalaki wamthukuthelela kakhulu uBhileyamu, wahlanganisa izandla zakhe; wathi kuBhileyamu: “Ngikubize ukuba uzoqalekisa izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile kwaze kwakathathu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Intukuthelo kaBalaki yamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, usuzibusisile kathathu.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 24:10
15 Referans Kwoze  

“Wena-ke, ndodana yomuntu, phrofetha, ushaye izandla. Inkemba mayigadle kabili, kathathu, iyinkemba yokubulala, inkemba yokubulala okukhulu, isibazungeze nxazonke.


UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Wenzani kimi na? Ngikulethe lapha ukuba uqalekise izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile.”


“ ‘ “Impela ngenxa yenzuzo engaka engalungile oyenzile, nangegazi elikuwe, Mina ngishaya izandla ngibabaza.


Nami luqobo ngiyakushaya izandla, nganelise intukuthelo yami; Mina Simakade ngikhulumile.”


Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”


ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.


ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”


‘Kunoquqaba lwabantu abaphuma eGibhithe asebegcwele ezweni lonke. Manje woza uzongiqalekisela bona, mhlawumbe ngingakwazi ukulwa nabo ngibaxoshe.’ ”


Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


Suka uphele lapha uphindele kini; ngathi ngizakukuhlonipha kakhulu, kodwa uSimakade wenqabile ukuba ngikuhloniphe.”


Awuyukufuna ukuthula kwabo nempumelelo yabo zonke izinsuku zokuphila kwakho kuze kube phakade.


“Lokho-ke kwenzeka kwaze kwaba kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite