Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 24:1 - IsiZulu 2020

1 Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akahambanga ukuyofuna imilingo njengakuqala, kepha wabhekisa ubuso bakhe ehlane.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 24:1
13 Referans Kwoze  

Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’


UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.” Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi.


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.


UBhalaki wamthatha uBhileyamu wamyisa esiqongweni iPheyori elibheke ngezansi ngasehlane.


Bheka, unginike umyalo wokuba ngibusise; Yena ubusisile, mina angikwazi ukukuguqula lokho.


UBhileyamu wathi: “Mana lapha maqondana nomnikelo wakho wokushiswa; mina ngizoyohlangana noNkulunkulu.”


Ngakho-ke uBhileyamu wavuka ekuseni, wathi ezikhulwini zikaBhalaki: “Phindelani ezweni lakini, ngokuba uSimakade ungenqabele ukuba ngihambe nani.”


USawule wathi kuDavide: “Mawubusiswe wena ndodana yami, Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle.” Wayesebamba indlela yakhe uDavide, noSawule wabamba abeze ngayo, wabuyela endaweni yakhe.


USawule wasuka wehlela ehlane eZifi ukuyofuna uDavide ehlane, ehamba nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abayizi-3 000.


Ngakho-ke bheka, ngiyazi, ngiqinisekile ukuthi uyakuba yinkosi, nokuthi umbuso ka-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.


UBhalaki wenza njengokusho kukaBhileyamu, wanikela ngenkunzi nenqama kulelo nalelo althare.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite