UNumeri 23:24 - IsiZulu 202024 Laba bantu banjengengonyama; baziphakamisisa okwengonyama engaphumuli ingakayisobozeli inyamazane, iphuze igazi layo.” Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE24 Bheka, abantu bavuka njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo.” Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202424 Bheka, abantu bayakuvuka njengengonyama enkulu, baziphakamise njengebhongo lengonyama; Gade chapit la |
“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengembawula evuthayo phakathi kwezinkuni, babe njengesihlonti esivuthayo phakathi kwezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Bayakuqothula kwesokunene nakwesokhohlo zonke izizwe ezizungeze nxazonke. IJerusalema liyakuba sendaweni yalo futhi eJerusalema.
Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.