Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 23:22 - IsiZulu 2020

22 UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UNkulunkulu wabakhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UNkulunkulu wabakhupha eGibhithe; unamandla e-unicorn, njengokungathi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 23:22
14 Referans Kwoze  

Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


“UNkulunkulu owabakhipha eGibhithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyoqothula izizwe, izitha zakhe, ephule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.


Ngisindise emlonyeni webhubesi, nasezimpondweni zenyathi; uyangiphendula.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


kodwa udumo lwami uluphakamise lwanjengophondo lwenyathi, ngagcotshwa ngamafutha amasha.


Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.


Wathumela izithunywa kuBhileyamu, indodana kaBheyori, owayesePhethori ngasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe, ukuyombiza zithi kuye: “Bheka, kunoquqaba lwabantu, abaphuma eGibhithe asebegcwele yonke indawo, futhi sebehleli eduze kwami.


AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.”


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


Ngokuba sizwile ukuthi uSimakade wawomisa kanjani amanzi oLwandle Lomhlanga phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe, nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni no-Ogi enababhubhisa bashabalala.


Izinyathi ziyokuwa kanye nabo, kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla. Izwe labo liyogcwala igazi, nothuli lwakhona lucifike amafutha.


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite