Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 23:13 - IsiZulu 2020

13 UBhalaki wathi kuye: “Woza sihambe, siye kwenye indawo lapho uzobabona khona; uzobona ingxenye yabo kuphela, hhayi bonke. Uma usulapho ungiqalekisele bona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UBalaki wayesethi kuye: “Woza nami siye kwenye indawo lapho ungababona khona; uzobona kuphela ukweqisa kwabo hhayi bonke; ungiqalekisele wona usulapho.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 23:13
10 Referans Kwoze  

Ethanda ukuqalekisa, ngakho isiqalekiso sehlela phezu kwakhe, engathokozi ngesibusiso, isibusiso saba kude naye.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Umuntu kaNkulunkulu wayesesondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngenxa yokuba ama-Aramu athe uSimakade unguNkulunkulu wezintaba, akasiye uNkulunkulu wezigodi, ngizosinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


Izinceku zenkosi yama-Aramu zathi kuyo: “Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba, ngalokho babenamandla kunathi, kepha masilwe nabo ethafeni, siyakuba namandla kunabo, sibehlule.


Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, waphuma ukuyolwa no-Israyeli. Wathumela ukuyobiza uBhileyamu indodana kaBheyori ukuba aniqalekise,


Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.


UBhileyamu waphendula, wathi: “Akufanele yini ngiqikelele ukuba ngikutshele lokho uSimakade athe angikusho na?”


Wamsusa lapho waya naye ensimini eZofimu, esiqongweni sentaba iPhisiga. Wakha ama-althare ayisikhombisa, kwathi kulelo nalelo althare wenza umnikelo ngenkunzi nenqama.


Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite