Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 23:10 - IsiZulu 2020

10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli na? Mangife ukufa kwabaqotho, isiphetho sami masifane nesakhe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, nenani lesine lika-Israyeli na? Mangife ukufa kolungileyo, ukugcina kwami kube njengokwakhe!

Gade chapit la Kopi




UNumeri 23:10
20 Referans Kwoze  

Mqaphele ongenasici, umbheke oqotho, ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula.


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Sebebonke ababalwayo benkambu yakwaDani babeyizi-157 600. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.


Sebebonke ababalwayo benkambu yabakwa-Efrayimi babeyizi-108 100 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.


Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


Bonke ababalwayo benkambu yabakwaRubeni babeyizi-151 450 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.


Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite