Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:6 - IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngalokho ake uze manje, ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe, ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Woza-ke, ungiqalekisele laba bantu; ngokuba banamandla kunami; mhlawumbe ngizonqoba, ukuze sibahlule futhi sibaxoshe ezweni; ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nalowo omqalekisayo uqalekisiwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:6
23 Referans Kwoze  

Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Bakubonile okuyize namanga okubhula, labo abathi: “Kusho uSimakade,” kodwa uSimakade akabathumanga, nokho balindele ukuthi lifezeke izwi labo.


ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.


Isithunywa esasithunywe ukuyolanda uMikhaya, sathi kuye: “Bheka, bonke abaphrofethi baphrofethe kahle, basho ngazwi linye enkosini; ngakho-ke nawe izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.”


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Kusekhona umuntu oyedwa esingabuza kuSimakade ngaye kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kodwa okubi; nguMikhaya, indodana kaJimila.” UJehoshafathi wathi: “Inkosi mayingakusho lokho.”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisiqoqa abaphrofethi abathi ababe ngama-400, yathi kubo: “Ngihambe yini ngiyokulwa neRamothi Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uSimakade uyakulinikela esandleni senkosi.”


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi uphethe izinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngonkulunkulu bakhe.


Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.


ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”


UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”


Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”


Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”


Njengenyoni ekuhambeni kwayo, nenkonjane ekundizeni kwayo, sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.


Mabaqalekise, kodwa Wena ubusise, lapho bevuka, mabathelwe ngehlazo, kodwa inceku yakho ithokoze.


Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, waphuma ukuyolwa no-Israyeli. Wathumela ukuyobiza uBhileyamu indodana kaBheyori ukuba aniqalekise,


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


UBhalaki wathi kuye: “Woza sihambe, siye kwenye indawo lapho uzobabona khona; uzobona ingxenye yabo kuphela, hhayi bonke. Uma usulapho ungiqalekisele bona.”


UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ngiyakuncenga woza, siye kwenye indawo, mhlawumbe uNkulunkulu uyakuthokoza ngayo bese ungiqalekisela bona lapho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite