Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:38 - IsiZulu 2020

38 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Bheka, ngize kuwe; nginamandla okukhuluma manje? izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakulikhuluma.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:38
16 Referans Kwoze  

Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


UBhileyamu waziphendula izinceku zikaBhalaki, wathi: “Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, ngingeleqe izwi likaSimakade, uNkulunkulu wami, ngenze into noma ngabe inkulu noma incane kangakanani.


UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”


USimakade wahlangana noBhileyamu, wabeka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBhalaki ukhulume naye.”


“Yima uqine ebuthakathini bakho, nasemalumbeni akho amaningi obukusebenza kusukela ebusheni bakho, mhlawumbe uzosizakala, mhlawumbe uyokwazi ukudala uvalo.


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.


Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”


Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”


‘Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, anginakuleqa izwi likaSimakade ngenze noma yini, okuhle noma okubi, ngizosho kuphela lokho uSimakade azongitshela ukuthi ngikusho na?’


UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Angithumelanga yini kuwe ngikubiza ukuba uphuthume na? Awufikanga ngani kimi na? Ubucabanga ukuthi ngeke yini ngikuhloniphe na?”


UBhileyamu wahamba noBhalaki, bafika eKiriyathi Huzothi.


UBhileyamu wathi kuwo: “Lalani lapha ngalobu busuku banamuhla, ngizoninika izwi njengalokho azakukusho kimi uSimakade.” Alala lapho amalunga akwaMowabi.


Yayisithi kuye inkosi: “Kuyoze kube kangaki ngikufungisa ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaSimakade na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite