Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:36 - IsiZulu 2020

36 UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza, waphuma ukumhlangabeza e-Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:36
14 Referans Kwoze  

Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.


UMowabi ujabhisiwe, uphelelwe ngamandla; khihlani isililo, nikhale, nimemezele e-Arinoni ukuthi uMowabi ubhujisiwe.


Amadodakazi akwaMowabi ayoba njengezinyoni ezizulazulayo, namaphuphu ahlakazekileyo, emazibukweni e-Arinoni.


“Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.


“Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kusukela esigodini i-Arinoni kuze kube sentabeni iHermoni.


“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini.


UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni.


uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.


Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


U-Abhrama esebuya ekunqobeni uKhedoloma namakhosi ayemelekelela, inkosi yaseSodoma yakhuphuka yamhlangabeza esigodini iShave, okungukuthi yisigodi seNkosi.


Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa; waqhamuka uSamuweli. USawule waphuma wayomhlangabeza, wambingelela.


Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki.


UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Angithumelanga yini kuwe ngikubiza ukuba uphuthume na? Awufikanga ngani kimi na? Ubucabanga ukuthi ngeke yini ngikuhloniphe na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite