Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:32 - IsiZulu 2020

32 Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? bheka, ngiphumile ukulwa nawe, ngokuba indlela yakho imbi phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:32
19 Referans Kwoze  

wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


Kodwa intukuthelo kaNkulunkulu yamvuthela ngokuba wahamba nabo, ingelosi kaSimakade yema endleleni yamelana naye. UBhileyamu wayegibele embongolweni yakhe, ekhashwa yizinceku zakhe ezimbili.


Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho, kunocebileyo ohamba ngezindlela ezigwegwile.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.


“Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula.”


Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.


Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki.


USimakade wayivula umlomo imbongolo, yathi kuBhileyamu: “Ngenzeni kuwe ungaze ungishaye amahlandla amathathu, na?”


Ngalobo busuku uNkulunkulu wafika kuBhileyamu, wathi: “Uma lawa madoda efikele ukuzokubiza, vuka uhambe nawo, kodwa uyokwenza kuphela lokho engizokutshela khona.”


Imbongolo ingibonile yachezuka phambi kwami kwaze kwaba kathathu. Ukuba ayizange ichezuke, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”


Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite