Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:3 - IsiZulu 2020

3 AbakwaMowabi babesaba kakhulu abakwa-Israyeli, ngokuba babebaningi. UMowabi wangqangqazela luvalo ngenxa yabakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi wakhathazeka ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:3
10 Referans Kwoze  

Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.


Lapho umbiko ufinyelela eGibhithe, liyoba sebuhlungwini ngenxa yeThire.


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”


Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.


Kwathi lapho bebacindezela, banda kakhulu, basabalala abantu bakwa-Israyeli; abaseGibhithe baqala ukubesaba.


“Ngiyokwenza abantu abamelene nawe bangesabe; ngilethe ukudideka phakathi kwabantu olwa nabo, ngenze zonke izitha zakho zikubalekele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite