Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 22:18 - IsiZulu 2020

18 UBhileyamu waziphendula izinceku zikaBhalaki, wathi: “Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, ngingeleqe izwi likaSimakade, uNkulunkulu wami, ngenze into noma ngabe inkulu noma incane kangakanani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki: “Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UBileyamu waphendula, wathi ezincekwini zikaBalaki: “Uma uBalaki efuna ukunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakweqa izwi likaJehova uNkulunkulu wami ngenze okuncane noma okukhulu.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 22:18
14 Referans Kwoze  

‘Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, anginakuleqa izwi likaSimakade ngenze noma yini, okuhle noma okubi, ngizosho kuphela lokho uSimakade azongitshela ukuthi ngikusho na?’


Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”


Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”


UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”


UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.


Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Wayesephendula uDaniyeli phambi kwenkosi, wathi: “Zigcinele zona izipho zakho, imivuzo yakho uyiphe omunye, nokho ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.


Kodwa nani ake nilale ubusuku banamuhla, yikhona ngizokuzwa ukuthi yini enye azongitshela yona uSimakade.”


UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Angizitshelanga yini izithunywa zakho owawuzithume kimi, ngathi:


Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unganginika ingxenye yendlu yakho, angisoze ngaya lapho nawe, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.


UBhileyamu wathi kuwo: “Lalani lapha ngalobu busuku banamuhla, ngizoninika izwi njengalokho azakukusho kimi uSimakade.” Alala lapho amalunga akwaMowabi.


kodwa angimlalelanga uBhileyamu; ngakho-ke wanibusisa, nganikhulula esandleni sakhe.


noma kanye nezikhulu ezinegolide, ezazigcwalise izindlu zazo ngesiliva;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite