Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:33 - IsiZulu 2020

33 Baphenduka, balibhekisa ngaseBhashani. U-Ogi inkosi yaseBhashani waphuma, wabahlasela yena nabo bonke abantu bakhe, balwa nabo empini yase-Edireyi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Base bephenduka bakhuphuka ngendlela yaseBashani, u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma ukulwa nabo, yena nabo bonke abantu bakhe, ekulweni e-Edireyi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:33
20 Referans Kwoze  

wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.


“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba.


Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zezwe, elezinqama, elamawundlu, elezimbuzi nelazo zonke izinkunzi ezikhulupheleyo zaseBhashani.


Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.


Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.


Intaba kaNkulunkulu yintaba iBhashani; intaba eneziqongo.


Ngihaqwe yizinkunzi zaseBhashani eziningi, ezinamandla, zingizungezile.


Indawo yabo yayisuka eMahanayimi, idabule kulona lonke iBhashani, wonke umbuso wenkosi u-Ogi waseBhashani, nemizi yonke eJayiri, eyayiseBhashani, okuyimizi engama-60,


nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.


Balidla izwe lakhe, badla nelika-Ogi inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,


UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.


INkosi yathi: “Ngizobabuyisa bevela eBhashani, ngibabuyise bevela ekujuleni kolwandle,


uSihoni, inkosi yama-Amori, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, nemibuso yonke eKhanani.


no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite