Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 21:3 - IsiZulu 2020

3 USimakade walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela kuye amaKhanani, bawaqothula nemizi yawo; igama laleyo ndawo kwathiwa yiHorma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma.*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova walilalela izwi lika-Israyeli, wawanikela amaKhanani; bawaqalekisa nemizi yawo, waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iHorma.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 21:3
11 Referans Kwoze  

Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.


Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;


abaseHorma, abaseBhori Ashani, abase-Athakhi,


“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.


UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, banqoba amaKhanani ayehlala eZefathi, balicekela phansi. Ngakho-ke umuzi wabizwa ngokuthi yiHorma.


inkosi yaseHorma: iyodwa; inkosi yase-Aradi: iyodwa;


i-Elitholadi, iKhesili, iHorma,


Ngiyamthanda uSimakade, ngokuba uyalizwa izwi lokukhuleka kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite