Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:8 - IsiZulu 2020

8 “Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Thatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume nedwala phambi kwamehlo ayo; futhi uyonika amanzi awo, futhi kumelwe ubakhiphele amanzi edwaleni; uyakuphuzisa ibandla nezinkomo zalo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:8
31 Referans Kwoze  

Phatha le nduku ngesandla sakho, wenze ngayo izibonakaliso.”


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo,


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


Ngakho-ke uma nina eningababi, nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani-ke uYihlo osezulwini uzakubapha abacelayo kuye uMoya oNgcwele.”


UJesu wabaphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma nikholwa ningangabazi, aniyukwenza kuphela lokhu okwenzeke emkhiwaneni, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Zimbuka, uphonseke olwandle,’ lokho kuyakwenzeka.


Kabazange bome lapho ebahola ezindaweni ezigagadekile; wenza ukuba amanzi agobhozele edwaleni; waqhekeza idwala, amanzi ampompoza.


Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.


Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


Abantu bamemeza kakhulu, kwakhala amacilongo. Kwathi ukuba abantu bezwe ukukhala kwamacilongo, bamemeza kakhulu, lwawa udonga, ngakho-ke abantu bawuthelekela, bawudla umuzi.


Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.”


Ngumthombo owambiwa ngamakhosana, wambiwa ngabaholi ngezintonga zazo zobukhosi nangezindondolo zabo.” Basuka ehlane, baya eMathana.


nomthambeka wezigodi oholela e-Ari, oncike emngceleni wakwaMowabi.”


UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume uyokulwa nama-Amaleki. Mina ngizobe ngimi esiqongweni sentaba, ngiphethe induku kaNkulunkulu esandleni.”


Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo.


UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi,


UMose wathatha umkakhe namadodana akhe, wabagibelisa embongolweni, wahamba wabuyela eGibhithe. UMose wayephethe induku kaNkulunkulu ngesandla.


USimakade wathi kuye: “Yini le esesandleni sakho na?” Wathi: “Yinduku.”


Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


USimakade wathi kuMose:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite