Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:21 - IsiZulu 2020

21 Wala kanjalo-ke u-Edomi ukuba u-Israyeli adabule ezweni lakhe; u-Israyeli wabe esechezuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kungakho u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule umkhawulo wakhe; ngalokho u-Israyeli wamfulathela.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:21
10 Referans Kwoze  

“Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi.


njengalokhu kwenza kimi abozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’


Aneneliswa yini yizwe unkulunkulu wenu uKhemoshi aninike lona laba yifa lenu, na? Thina asifanele yini ukudla lonke izwe uSimakade uNkulunkulu wethu asinqobele lona ukuba libe yifa lethu, na?


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


‘Ngicela ukudabula ezweni lakho, ngizohamba ngomgwaqo, angizukujikela kwesokunene noma ngakwesokhohlo.


USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule ezweni lakhe. USihoni waqoqa bonke abantu esifundeni sakhe, waphuma wayohlasela u-Israyeli ehlane. Wafika eJahazi, walwa no-Israyeli.


Abakwa-Israyeli bathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, bathi: ‘Sicela usivumele sidabule ezweni lakho,’ kodwa inkosi yakwa-Edomi ayifunanga ukubalalela. Babuye bathumela nasenkosini yakwaMowabi, kodwa nayo yenqaba, ngakho-ke abakwa-Israyeli bahlala eKadeshi.


Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela.


“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite