Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:14 - IsiZulu 2020

14 UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UMose wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi zisuka eKadeshi, zithi: ‘Usho kanje umfowenu, u-Israyeli, uthi: Wena uyakwazi konke ukuhlupheka okusehlele.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:14
20 Referans Kwoze  

“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


Zathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba sizwile ngaye nangakho konke akwenza eGibhithe,


UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani.


USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


Abantu bakwa-Israyeli basuka eKadeshi baze bayofika entabeni iHori.


wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.


Ngokuba sizwile ukuthi uSimakade wawomisa kanjani amanzi oLwandle Lomhlanga phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe, nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni no-Ogi enababhubhisa bashabalala.


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.


Owabona ilanga kuqala wayenomzimba ompofu ngebala, ephuphuzela uboya bunjengobesiphuku, lona wamqamba igama wathi ngu-Esawu.


Emva kwakhe kwazalwa umfowabo owaphuma ebambelele esithendeni sika-Esawu, wamqamba igama wathi nguJakobe. U-Isaka wayeneminyaka engama-60 ngesikhathi kuzalwa laba bafana.


UJakobe wayesethi kuyo: “Ngicela ungitshele igama lakho.” Yamphendula wathi: “Ungibuzelani igama lami na?” Yayisimbusisa khona lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite