Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 20:11 - IsiZulu 2020

11 UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Khona-ke uMose waphakamisa isandla sakhe walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, futhi amanzi aphuma maningi, inhlangano yaphuza kanye nemfuyo yayo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 20:11
24 Referans Kwoze  

baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.


Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.


“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”


Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Mina ngakwazi ehlane ezweni lesomiso.


Wenza kwagobhoza imithombo edwaleni, amanzi wawenza ageleza njengemifula.


Ngenxa yokuba aniwuthwalanga ngesikhathi esedlule, uSimakade uNkulunkulu wethu wasithelekela, ngokuba asimfunanga njengokwesimiso.”


USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngeqa umthetho kaSimakade namazwi akho, ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.


UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.”


Awulalelanga ngani izwi likaSimakade? Kungani uphuthume wathatha impango, wenza okubi emehlweni kaSimakade na?”


ONadabi no-Abhihu, amadodana ka-Aroni, bathatha izitsha zabo zempepho ngamunye, bafaka kuzo umlilo, babeka impepho phezu kwazo, banikela phambi kukaSimakade ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.


NguWena owaveza isiphethu nomfudlana; nguWena owomisa imifula egobhoza ingashi.


Waqhekeza amadwala ehlane, wabaphuzisa benela, kungathi kuvela ekujuleni.


Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi, kwampompoza imifula; angabapha yini isinkwa noma abahlinzeke ngenyama abantu bakhe na?”


Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.


Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.


Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.


Kabazange bome lapho ebahola ezindaweni ezigagadekile; wenza ukuba amanzi agobhozele edwaleni; waqhekeza idwala, amanzi ampompoza.


UNkulunkulu wavula umgodi eLehi, kwaphuma amanzi kuwo. Esephuzile abuya amandla akhe, wavuseleleka. Ngakho-ke leyo ndawo yabizwa ngokuthi yi-Eni Hakhore, isekhona eLehi kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite