Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 2:17 - IsiZulu 2020

17 Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Khona-ke itende lokuhlangana kumelwe likhuphuke kanye nekamu lamaLevi phakathi kwekamu; njengalokhu bemisa, bayakukhuphuka kanjalo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe njengebhanela lakhe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 2:17
8 Referans Kwoze  

Kwasuka nabakwaKhohathi abangabathwali bezinto zendawo engcwele: ithabanakeli lamiswa ngaphambi kokufika kwabo.


Ithabanakeli lathwalwa ngabozalo lukaGereshoni nabolukaMerari, abangabathwali bethabanakeli.


Noma mina siqu sami ngingekho phakathi kwenu, kodwa nginani ngomoya, ngiyathokoza uma ngibona ukuhleleka kwenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKhristu.


Kepha konke makwenziwe kahle nangendlela ehlelekile.


Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.


USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:


Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite