Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 19:22 - IsiZulu 2020

22 Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Konke okuthinta ongcolileyo kuyakuba ngokungcolile; nomphefumulo oyithintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 19:22
21 Referans Kwoze  

Wayesethi uHagayi: “Uma umuntu engcoliswe yisidumbu bese ethinta noma yikuphi kwalokho, ngabe kuyakungcola yini na?” Abaphristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


“ ‘Inyama eyothintana nokungcolileyo ayiyukudliwa; iyakushiswa emlilweni, nokho enye inyama bangayidla bonke abahlambulukileyo.


Yilowo nalowo oyothinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Noma ngubani othinta noma yini engcolileyo, kungaba yisidumbu sesilwane esingcolileyo, noma yisidumbu semfuyo engcolileyo, noma yisidumbu sesilwane esinwabuzelayo esingcolileyo, engasibonanga, nokho uyoba ngongcolileyo, abe necala.


“ ‘Othinta ukungcola komuntu, noma ngokwaluphi uhlobo, engabonanga, lapho esazi uyoba necala.


Uma umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu, noma isilwane esingcolileyo, noma into engcolileyo, enengekayo, bese edla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula kaSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.’ ”


nalowo oyothinta okunwabuzelayo okungamngcolisa, noma yimuphi omunye umuntu ongamngcolisa, noma ngabe unakungcola kwaluhlobo luni.


Umuntu oyothinta okunjalo uyokuba ngongcolileyo kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, aze ageze umzimba wakhe ngamanzi.


USimakade wakhuluma noMose no-Aroni, wathi:


Oyohlala entweni ekade kuhleli kuyo omfimfayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


“ ‘Othinta umzimba womfimfayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


“ ‘Uma omfimfayo ephimisela ngamathe ohlambulukileyo, ohlambulukileyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Bonke abathinta into ebiphansi kwakhe bayakuba ngabangcolileyo kuze kuhlwe, nalowo othwala into enjalo, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


“ ‘Wonke umuntu othintwe ngomfimfayo, engazigezanga izandla zakhe ngamanzi, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Lowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Nalowo othinta noma yini ahlale kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Noma kungaba ngumbhede noma iyiphi enye into ahlale kuyo, uma ithintwa ngumuntu, uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.


Noma yimuphi othinta lezi zinto uyakuba ngongcolileyo, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Umphristi uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi ngaphambi kokuyongena enkanjini; abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite