Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 19:19 - IsiZulu 2020

19 Ohlambulukileyo uyofafaza ongahlambulukile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amhlambulule ngosuku lwesikhombisa, bese ehlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ohlanzekile kumelwe afafaze ongcolile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa; ngosuku lwesikhombisa uyakuzihlanza, ageze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, kuthi kusihlwa ahlambuluke.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 19:19
18 Referans Kwoze  

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.


Ngosuku lwesikhombisa uyakuphuca zonke izinwele ekhanda lakhe, nasesilevini, nasemashiyeni; yebo, uyakuziphuca zonke izinwele zakhe. Uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, ahlambuluke.


Nibasindise abanye ngokubahlwitha emlilweni, nibahawukele abanye, kodwa nibe nokwesaba, nenyanye ngisho nesembatho esingcoliswe yinyama yabo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


“Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa.


Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye.


umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.


Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.


Niyohlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene enkanjini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite