Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 19:12 - IsiZulu 2020

12 Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kumelwe azihlanze ngayo ngosuku lwesithathu, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe abe ohlanzekile; kepha uma engazihlambululi ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 19:12
12 Referans Kwoze  

“Bonke phakathi kwenu ababulele umuntu, nabathinte isidumbu, mabahlale ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Zihlambululeni nabathunjwa ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


kodwa inyama eyosala kuze kube lusuku lwesithathu, iyoshiswa ngomlilo.


Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite