Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:6 - IsiZulu 2020

6 Bhekani, Mina ngithathe abafowenu abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Bayisipho kini, esehlukaniselwe uSimakade ukwenza umsebenzi wethende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bhekani, mina ngithabathe abafowenu amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; bayisipho kini, benikelwe kuJehova ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bhekani, ngibathathile abafowenu, amaLevi, phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kini banikelwe njengesipho kuJehova, ukuba benze inkonzo yetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:6
14 Referans Kwoze  

Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli.


“Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade.


“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.


“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade kuzo, ithi: Mina ngiyakwehlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nalezo ezondileyo.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune.


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Mina, Mina ngikhulumile, futhi ngimbizile, ngimlethile, uyoyenza iphumelele indlela yakhe.


Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze:


Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


“Bhekani, ngenza isivumelwano phakathi kwami nani, nezizukulwane zenu,


Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


“Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize.


Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite