Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:4 - IsiZulu 2020

4 Bayakuzihlanganisa nawe, bagcine inkonzo yethende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wethende; umfokazi akayukusondela kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayakuhlanganiswa nawe, bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kumelwe bahlangane nawe bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wenkonzo yetende; futhi umfokazi angeze eze kini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:4
10 Referans Kwoze  

Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”


Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.


Bayokwenza wonke umsebenzi wakho nomsebenzi wonke wethende, kodwa abayukusondela empahleni yendlu engcwele nase-althare, ukuze bona nani ningafi.


“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-althare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantu bakwa-Israyeli.


Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”


Nokho, ngiyakubenza babe ngabagcini benkonzo yendlu, kuwo wonke umsebenzini wayo, nakukho konke okuyakwenziwa kuyo.


AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”


Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite