Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:26 - IsiZulu 2020

26 “Uyobatshela abaLevi uthi kubo: ‘Uma nithatha okweshumi kwabantu bakwa-Israyeli engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, anonikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, okweshumi kokweshumi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Futhi uyakukhuluma kumaLevi, uthi kuwo: ‘Nxa nithabatha kwabakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Yisho kumaLevi, uthi kuwo: ‘Uma nithatha kubantwana bakwa-Israyeli okweshumi engininike khona kubo njengefa lenu, niyakuletha kukho umnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:26
7 Referans Kwoze  

Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo.


“Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.


Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Umnikelo wenu uyakubalelwa kini, njengokusanhlamvu kwesibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.


Ngenhlama yenu yokuqala, niyonika uSimakade umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.


Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite