Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:21 - IsiZulu 2020

21 “Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bhekani, ngibanika abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli kube yifa lenkonzo yabo abayikhonzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:21
26 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.


Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama.


Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.


Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni.


bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.


Baletha iminikelo yokweshumi nezinto ezingcwele ngokwethembeka, owayebengamele kwakunguKhonaniya, umLevi, uShimeyi, umfowabo, engomesekeleyo.


Bhekani, Mina ngithathe abafowenu abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli. Bayisipho kini, esehlukaniselwe uSimakade ukwenza umsebenzi wethende lokuhlangana.


Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.


Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu,


Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”


ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.


walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.


Niyakukwazi ukuthi nginithumelele lo myalo ukuze kuqhubeke isivumelwano sami noLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube nokudla endlini yami, ake ningivivinye ngalokhu, ukuthi ngeke yini nginivulele amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso kuze kungabi bikho ndawo eyanele,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”


UJosefa wakumisa lokhu kwaba wumthetho mayelana nomhlaba eGibhithe; kusengumthetho osebenzayo nanamuhla, ukuthi ingxenye yesihlanu yezitshalo ingekaFaro. Ngumhlabathi wabaphristi kuphela ongazange ube ngokaFaro.


“Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize.


Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite