Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:2 - IsiZulu 2020

2 Abafowenu, besizwana sakwaLevi isizwana sikayihlo, basondeze nabo ukuze bahlanganiswe nawe, bakukhonze. Kepha wena, namadodana akho, niyoba ngaphambi kwethende lobufakazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nabafowenu, isizwe sakwaLevi, isizwe sikayihlo, sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe, bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Futhi nabafowenu esizweni sakwaLevi, isizwe sikayihlo, woza nawe kanye nabo, ukuze bazihlanganise nawe, bakukhonze; kodwa wena lamadodana akho kanye lawe lizakhonza phambi kwethabhanekele lobufakazi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:2
16 Referans Kwoze  

Wakhulelwa futhi, wathola indodana, wayiqamba igama wathi nguLevi, ngokuba wathi: “Impela manje umyeni wami uzonamathela kimi, ngoba sengimzalele amadodana amathathu.”


“ ‘Kepha abaphristi babaLevi, amadodana kaZadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele ngesikhathi abakwa-Israyeli bephambuka kimi, yibona abayakusondela kimi, bangikhonze, bame phambi kwami, banikele ngamanoni nangegazi, kusho iNkosi uSimakade.


Bema ezindaweni zabo ngokohlelo lwabo, ngokomthetho kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Abaphristi bafafaza ngegazi elaliphethwe ngabaLevi ngezandla.


Bayakuzihlanganisa nawe, bagcine inkonzo yethende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wethende; umfokazi akayukusondela kuwe.


UMose wazibeka izintonga phambi kukaSimakade ethendeni lokuhlangana.


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.


AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.


Uma konke sekuhleliwe, abaphristi bayangena njalo engxenyeni yokuqala engcwele ukuzokwenza imisebenzi yabo yokukhonza.


AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Bayakuba yizikhonzi endlini yami engcwele, babengababonisi emasangweni endlu, bakhonze endlini, bahlabe imihlatshelo yokushiswa nabayihlabela abantu, bame phambi kwabo ukuba basize abantu.


Niyakukwazi ukuthi nginithumelele lo myalo ukuze kuqhubeke isivumelwano sami noLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite