Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:16 - IsiZulu 2020

16 Intengo yokuhlengwayo, kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho, iyoba ngamashekeli ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendawo engcwele elingamagera angama-20.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abahlengwayo kusukela kwabanenyanga uyakuyihlenga ngokulinganisa kwakho imali yamashekeli ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, amagera angamashumi amabili.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:16
9 Referans Kwoze  

Yilokhu okuyakunikelwa yinoma yimuphi oyobhalisela ukubalwa: ingxenye yeshekeli ngokwesilinganiso seshekeli lendawo engcwele, ishekeli lingamagera angama-20, ingxenye yeshekeli iyokuba ngumnikelo kuSimakade.


uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20;


Ishekeli liyakuba ngamagera angama-20; amashekeli angama-20, angama-25, nali-15 ayakuba ngumina kinina.


Konke ukulinganisa kuyakuba ngokweshekeli lendawo engcwele; amagera angama-20 ayakuba yishekeli.


Lonke igolide elasetshenziselwa lowo msebenzi, kuwo wonke umsebenzi wendawo engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta angama-29, namashekeli angama-730 ngokweshekeli lendlu engcwele.


Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi,


Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo.


“Kepha izibulo lenkomo, noma lemvu, noma lembuzi, awuyukulihlenga; lingcwele. Uyofafaza ngegazi lalo e-althare, ushise amanoni alo abe ngumnikelo womlilo oliphunga elimnandi kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite