Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 18:10 - IsiZulu 2020

10 Lokhu niyokudlela endaweni engcwelengcwele, kuyodliwa yibo bonke abesilisa; kuyoba ngcwelengcwele kini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba ngcwele kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Niyakukudla eNgcwelengcwele; bonke owesilisa bayakuwudla; kufanele kube ngcwele kini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 18:10
13 Referans Kwoze  

Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.


Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele.


U-Aroni namadodana akhe bayodla okusele kuwo, bakudle kungenamvubelo endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.


Uyakusidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esingcwelengcwele nesingcwele.


Uyoyihlaba imvu yeduna lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, endaweni engcwele, ngokuba umnikelo wecala njengomnikelo wesono, ungowomphristi; ungcwelengcwele.


“Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade.


niyakuwudla endaweni engcwele, ngokuba uyisabelo sakho nesabelo samadodana akho eminikelweni yokushiswa kaSimakade, ngokuba ngiyalwe kanjalo.


Umphristi onikela umnikelo wesono, uyowudla endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.


Bonke abesilisa phakathi kwezizukulwane zika-Aroni bayokudla lokho, kumisiwe kwaba yisabelo saphakade ezizukulwaneni ngezizukulwane zabo, emnikelweni yomlilo kaSimakade; noma yini ewuthintayo iyakuba ngcwele.’ ”


Lokhu kuyakuba ngokwenu ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni, kuyo yonke iminikelo yabo, nakuyo yonke iminikelo yabo yokusanhlamvu, nakuyo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abayonikela ngayo kimi, iyoba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


“Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.


Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite