Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 17:5 - IsiZulu 2020

5 Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi kuyokwenzeka ukuthi udondolo lomuntu engiyomkhetha luyoqhakaza; ngizakwenza ukuthi kimi ukukhonona kwabantwana bakoIsrayeli abakhonona ngakho ngani.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 17:5
21 Referans Kwoze  

Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni.


Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwehlulele phambi kwabesifazane abaningi. Ngiyakukwenza ukuba uyeke ukufeba, ungabe usakhokhela muntu.


Ngakusasa uMose waya ethendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi yayihlumile, yaveza imiqumbe, yaqhakaza izimbali, yathela ama-alimondi avuthiweyo.


Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”


Ngiyakuyiqeda nya inkanuko yakho nobufebe bakho owabuqala kusukela eGibhithe. Awuyukukubheka lokho ngokukulangazelela, ungabe usalikhumbula futhi iGibhithe.’


Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.


Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.”


Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.


Ekuseni nizobona inkazimulo kaSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu ngaye. Ngokuba besingobani thina ukuba ningakhononda ngathi na?”


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


UMose wakhuluma kubantu bakwa-Israyeli, kwathi bonke abaholi bamnika izintonga zabo. Intonga ngayinye kulowo nalowo mholi njengokwezindlu zokhokho; izintonga ezili-12. Intonga ka-Aroni yayiphakathi kwezintonga zabo.


Wathumela uMose inceku yakhe, no-Aroni ayemkhethile.


Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.


nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.


Laba bazifuna ohleni lwabaphristi olubhaliwe, kepha abafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebuphristini, kwathiwa bangcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite