Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:5 - IsiZulu 2020

5 Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wakhuluma kuKora nakuso sonke isixuku sakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwenza kwaziwe ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele; futhi makasondele kuye; futhi lowo amkhethileyo uyomenza ukuba asondele kuye.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:5
38 Referans Kwoze  

Ubusisiwe okhethwe nguwe, wamsondeza ukuba ahlale emagcekeni akho. Siyosuthiswa ngokuhle okuvela endlini yakho, ithempeli lakho elingcwele.


Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


wasenza saba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu uYise, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade. Amen.


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wokhokho wakumisela phambilini ukuba uyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe.


Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”


Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili,


kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile.


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabaphristi abagcina inkonzo yase-althare, abangamadodana kaZadoki, okuyibo emadodaneni kaLevi, angasondela kuSimakade ukuba amkhonze.”


Wathumela uMose inceku yakhe, no-Aroni ayemkhethile.


Ngamkhetha kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli ukuba abe ngumphristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho kulo, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israyeli.


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Kepha manje kuKhristu uJesu, nina enanikade nikude, senenziwe nabaseduze ngegazi likaKhristu.


Kuthe sebeludingide kabanzi, kwase kusukuma uPhethro, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi kade uNkulunkulu angikhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.


“Thatha u-Aroni namadodana akhe, izembatho, amafutha okugcoba, inkunzi yomnikelo wesono, izinqama ezimbili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.


Yenzani lokhu: zithatheleni izitsha zempepho, wena Khora neviyo lakho lonke,


Ngakusasa uMose waya ethendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi yayihlumile, yaveza imiqumbe, yaqhakaza izimbali, yathela ama-alimondi avuthiweyo.


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”


Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza; ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”


Uyakunika abaphristi abangabaLevi, ozalweni lukaZadoki, abaseduze nami ukuba bangikhonze, balethe iduna libe ngumnikelo wesono,” kusho iNkosi uSimakade.


Iyakuba yisiqinti esingcwele ezweni, ibe ngeyabaphristi, abakhonza endaweni engcwele, labo abasondela kuSimakade ukuba bamkhonze. Iyakuba yindawo yabo yokuhlala, ibuye ibe yindawo engcwele.


Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Wena ndlu ka-Aroni, themba kuSimakade, Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite