Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:38 - IsiZulu 2020

38 Izitsha zempepho zalezi zoni sezingcwele ngenxa yomvuzo wempilo yazo nangokuba zaziletha kuSimakade. Zicangcathe zibe yizingcwecwe zokwemboza i-althare, zibe wuphawu futhi kubantu bakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 imicengezi yalaba boni abone imiphefumulo yabo ibe ngongcwecwe abakhandiweyo abayakulimboza i-altare, ngokuba banikela ngayo phambi kukaJehova; ngalokho ingcwele; iyakuba luphawu kubantwana bakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Izicengezi zomlilo zalezi zoni mazizenzele izingcwecwe eziyisibekela i-altare; ngokuba banikela ngayo phambi kweNkosi, ngakho-ke bangcwelisiwe; kuyakuba yisibonakaliso kubantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:38
14 Referans Kwoze  

Imizi iSodoma neGomora uNkulunkulu wayilahla ngecala, wayeseyingqongqisa ngomlilo, yaba ngumlotha. Wayenza yaba yisibonelo salokho okuzakubehlela labo abangayikumesaba uNkulunkulu.


Ngiyakubhekana ngqo nalowo muntu, ngimenze abe yisibonakaliso nesaga, ngimsuse kubantu bami, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya noKhora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo wasobozela khona amadoda angama-250, aba yisixwayiso.


Amacebo owenzile athele indlu yakho ngehlazo ngokubulala abantu abaningi wenza isono kuwe uqobo.


Inkosi uSolomoni yayisifunga kuSimakade, yathi: “UNkulunkulu makenze kanjalo kimi, enezele futhi uma u-Adoniya engalikhulumanga leli lizwi, wabeka ukuphila kwakhe engcupheni yokufa.


USimakade wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe wuphawu kubahlubuki ukuba uqede ukukhononda kwabo ngami, ukuze bangafi.”


Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Laba baqamekela elabo igazi, balala unyendle belalela impilo yabo.


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


“Yisho ku-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, ukuba akhiphe izitsha zempepho emlilweni, awuhlakaze, ngokuba ungcwele.


U-Eleyazare, umphristi, wazithatha izitsha zempepho zethusi ababenikele ngazo labo abashayo. Wazicangcatha zaba yisembozo se-althare,


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite