Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 16:29 - IsiZulu 2020

29 Uma laba bantu befa ngokufa okwejwayelekile, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uSimakade uyobe kangithumanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke, uJehova uyakube kangithumanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Uma laba bantu befa ngokufa kwabantu bonke, noma behlelwa ngokwehlela abantu bonke; uJehova kangithumanga.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 16:29
11 Referans Kwoze  

Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esifana nalesi na?


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


Kepha manje, ngoba intukuthelo yakhe ayijezisi, akazinaki kakhulu iziphambeko,


Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Uma kukhona ofuna ukubenzakalisa laba, kuphuma umlilo emilonyeni yabo, ubhubhise izitha zabo. Yebo, uma kukhona ofuna ukubalimaza, kufanele ukuba abulawe kanjalo.


Kwathi ngesikhathi sokunikela, u-Eliya umphrofethi wasondela, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, namhlanje makwazeke ukuthi Wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngikwenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite