Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:39 - IsiZulu 2020

39 Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kuyakuba kini njengensephe, ukuze niyibone, nikhumbule yonke imiyalo yeNkosi, niyenze; futhi ungazifuneli eyakho inhliziyo namehlo akho owafeba ngemva kwawo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:39
21 Referans Kwoze  

Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo.


Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula, kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,


Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,


kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo nokomileyo,


“Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,


Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.”


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


Wanikela e-althare ayelenzile eBhethele, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesishiyagalombili, okuyinyanga ayeyinqume yena; wenzela abantu bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-althare, washisa impepho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite