Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:35 - IsiZulu 2020

35 USimakade wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe. Inhlangano yonke iyokumkhanda ngamatshe, ngaphandle kwenkambu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Khona-ke uJehova wathi kuMose: “Lowo muntu kumelwe abulawe nokubulawa; inhlangano yonke iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:35
11 Referans Kwoze  

bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.


Amadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; afakaza ngaye lawo madoda amabi, athi: “UNabothi uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”


UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe.


Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela esiweni esasisentabeni umuzi wabo owawakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelise kuso.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


Inhlangano yonke yamkhiphela ngaphandle kwenkambu, yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite