Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:30 - IsiZulu 2020

30 “ ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kodwa umphefumulo owenza ngokugabadela, kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa ezweni noma ungowemzini, othuka uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:30
30 Referans Kwoze  

Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono,


Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.


“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.


ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo,


ezisola ngalo izitha zakho, Simakade, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.


Ibuyisele kasikhombisa ezifubeni zomakhelwane bethu inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho, khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


Kodwa uma umuntu ehlasela abulale omunye ngobuqili, kufanele naye asuswe e-althare lami abulawe.”


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo.


Niyoba nomthetho ofanayo kowengabadi kwa-Israyeli nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu, lapho bone ngokungenhloso.


kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”


Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.


Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.


“Ngakho-ke ndodana yomuntu, khuluma kwabendlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kulokhu futhi, oyihlo bangihlambalaza, benza isiphambeko,


Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”


Ngakho-ke ngafunga mayelana nendlu ka-Eli ukuthi inkohlakalo yendlu ka-Eli ayisoze yahlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite