Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 15:20 - IsiZulu 2020

20 Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kumelwe nilethe iqebelengwane lokuqala lenhlama yenu libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwuphakamisa kanjalo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 15:20
21 Referans Kwoze  

“ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho,


“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


Lonke ulibo lokuqala lwakho lwekhethelo, konke nayo yonke iminikelo yakho, konke eminikelweni yenu yonke, kuyakuba ngokwabaphristi, nimnike umphristi ulibo lwenhlama yenu, ukuze isibusiso sihlale endlini yakho.


Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo.


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


“Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka.


“Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona.


Umphristi uyakuwuzungezisa nesinkwa solibo lokuqala kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; nezinqama ezimbili ziyakuba ngcwele kuSimakade, zibe ngezomphristi.


Ngenhlama yenu yokuqala, niyonika uSimakade umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.


Uyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, nokwezimvu zakho, ukuze ufunde ukumesaba njalo uSimakade uNkulunkulu wakho.


“Uyogcina uMkhosi Wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa, emveni kokubutha okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho,


Unganikela ngakho kuSimakade kube ngumnikelo wolibo, kodwa awuyukunikela ngakho e-althare kube yiphunga elimnandi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite