Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 14:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 14:11
29 Referans Kwoze  

Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.


Phezu kwakho konke lokho baqhubeka nokona, abaze bazikholwa izimangaliso zakhe.


ngoba abakholwanga nguNkulunkulu, abaze bethembela ensindisweni yakhe.


“Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu,


ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekuhlubukeni ngosuku lokulingwa ehlane,


Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye,


“Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami.


akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona.


Ngobani futhi afunga kubo wathi abayukungena ekuphumuleni kwakhe uma kungesibo labo abangamlalelanga na?


Pho-ke yibaphi abezwayo bahlubuka na? Akusibo yini bonke abaphuma eGibhithe ngoMose na?


USimakade wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?


Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Njengokuba ngangihlele ukunenzakalisa mhla okhokho benu bengithukuthelisile, angizisolanga ngalokho,” kusho uSimakade Wamabandla,


Samariya, ngilahle ithole lakho; intukuthelo yami iyabavuthela; kuyoze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeribha, njengasosukwini lwaseMasa, ehlane,


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


USimakade wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.


Intukuthelo kaSimakade yavutha ngalolo lusuku, wafunga wathi:


Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite