Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:26 - IsiZulu 2020

26 Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:26
14 Referans Kwoze  

Noyihlo benza kanjalo mhlazana ngibathume ukuyohlola izwe besuka eKadeshi Bharineya.


Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.


“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.


Basuka e-Esiyoni Gebheri, bakanisa eKadeshi elisehlane iSini.


Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.


AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya.


Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.


Babuya ekulihloleni izwe sekuzophela izinsuku ezingama-40.


UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,


Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.


Izwi likaSimakade lizamazamisa ihlane, uSimakade unyakazisa ihlane; uSimakade unyakazisa ihlane eKadeshi.


UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.


Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona.


Ngangineminyaka engama-40 ngesikhathi uMose, inceku kaSimakade, engithuma eKadeshi Bharineya ukuba ngiyohlola izwe; ngambuyela nombiko oqotho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite