Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:22 - IsiZulu 2020

22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:22
21 Referans Kwoze  

ngesikhathi enza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, eZowani.


Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani.


Izikhulu zaseZowani ziyiziwula ngempela, abeluleki abahlakaniphileyo bakaFaro beluleka ubuwula. Ningasho kanjani kuFaro, nithi: “Ngiyindodana yezihlakaniphi, isizukulwane samakhosi asemandulo” na?


Ngisho noma izikhulu zakhona ziseZowani, nezithunywa zakhona zifinyelela eHanesi,


UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.


Izikhulu zaseZowani seziphenduke iziwula, izikhulu zaseNofi ziluthekile. Labo abayizinsika zezizwe zalo balidukisile iGibhithe.


Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Kwathi emveni kwalokho uDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngingenyukela yini komunye wemizi yakwaJuda na?” USimakade wathi: “Yenyuka.” UDavide wathi: “Ngenyukele kumuphi na?” Yena wathi: “EHebhroni.”


IHebhroni umuzi wokuphephela umbulali namadlelo alo, iLibhina namadlelo alo, bakunika abozalo luka-Aroni umphristi,


Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”


Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,


Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.


U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.


Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.


abantu abakhulu nabade, abozalo lwama-Anaki obaziyo, ozwile ngabo kuthiwa: ‘Ngubani ongema phambi kwabozalo luka-Anaki na?’


UJoshuwa wakhuphukela e-Egiloni nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eHebhroni, balwa nalo.


abaseHebhroni, nabasezindaweni zonke lapho uDavide luqobo nabantu bakhe babejwayele ukuhambela khona.


U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite