Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:21 - IsiZulu 2020

21 Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:21
15 Referans Kwoze  

Basuka e-Esiyoni Gebheri, bakanisa eKadeshi elisehlane iSini.


Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.


Okwathi phela, lapho inhlangano ingihlubuka ehlane iSini imelana nami, nani nangangihlonipha, nangabukhombisa ubungcwele bami phambi kwayo ngasemanzini.” Lawo ngamanzi eMeribha eseKadeshi ehlane iSini.


Isabelo sesizwana sabozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo sasifinyelela ngaseningizimu emngceleni kwa-Edomi, kuyofika ehlane iZini ekupheleni kweningizimu.


nezwe lamaGebhali nalo lonke iLebhanoni kuya empumalanga, kusuka eBhali Gadi phansi kwentaba iHermoni kuya eLebo Hamathi,


Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?


UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,


ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli.


Wona ahamba, akhuphukela kwelezintaba, afika esigodini i-Eshikholi, asihlola.


Mayelana neDamaseku. “IHamathi ne-Ariphadi kujabhile, kwaphela amandla, ngokuba kuzwe izindaba ezimbi, kukhathazekile njengolwandle, olungenakuthula.


Ayibamba inkosi, aya nayo enkosini yaseBhabhele, eRibhila, eHamathi, wayigweba.


eHamathi, eBherotha, eSibhirayimi ephakathi komngcele eDamaseku naseHamathi, kuze kube seHazeri Hathikhoni eliwumngcele ongaseHawurana.


Ukusuka entabeni iHori anoziphawulela indlela eya eHamathi, umngcele uphume eZedadi,


Kwakungekho owayengabakhulula ngokuba babekude neSidoni, futhi bengazihlanganisile nabanye abantu. Umuzi wawusesigodini iBhethi Rehobhi. Bawakha kabusha lowo muzi, bahlala kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite