Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 13:17 - IsiZulu 2020

17 Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Hambani ngale ndlela ngaseningizimu, nikhuphuke intaba;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 13:17
16 Referans Kwoze  

Emveni kwalokho abantu bakwaJuda behla bayokulwa namaKhanani ayehlala kwelezintaba eNingizimu, nasemathafeni.


Wayesekhukhula njalo waze wayofika eningizimu.


USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.


Wathi kuye: “Ngicela ungiphe isipho, njengoba ungibeke ezweni eningizimu, ngiphe futhi nemithombo yamanzi.” UKhalebhu wamnika imithombo esenhla nesezansi.


uqhubekela ngaseningizimu yommango i-Akhrabhimi, udlulele eZini, ukhuphukele eningizimu eKadeshi Bharineya, wedlule ngaseHezironi, wenyukele e-Adari, ujike uye eKharakha,


U-Abhrama nomkakhe nakho konke ayenakho basuka eGibhithe bakhuphuka babheka eningizimu noLothi.


Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.


Bavuka ekuseni ngovivi, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, siyakuya endaweni ayithembisile uSimakade, nakuba sonile.”


Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”


Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.


Wasuka eningizimu wahamba ephumula waze wayofika eBhethele, endaweni ephakathi kweBhethele ne-Ayi, lapho wayekade egobe khona amadlangala phambilini,


Lihlole lonke leli lizwe, ngoba ngikunika lona.”


nihlole ukuthi izwe linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma bantekenteke, bayingcosana noma baningi yini,


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite