Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:5 - IsiZulu 2020

5 Siyakhumbula izinhlanzi esasizidla eGibhithe ngesihle, namakhukhamba, amakhabe, amaliki, uhanyanisi neswela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba,* namakhabe, namaliki,* nohanyanisi,* nesweli;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Sicabanga ngezinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle; ukhukhamba, namakhabe, namalikhi, no-anyanisi, nesweli;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:5
7 Referans Kwoze  

Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


Indodakazi yaseZiyoni isele njengedlangala esivinini, njengexhokovana ensimini kakhukhamba, nanjengomuzi ovinjezelweyo.


Kepha selokhu sayeka ukushisela impepho indlovukazi yezulu, nokuyethulela iminikelo yokuphuzwayo, seswele konke, sibulawa yinkemba nayindlala.


nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite