Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:16 - IsiZulu 2020

16 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngiqoqele amadoda angama-70 kumalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga nezinduna zabantu. Uwalethe ethendeni lokuhlangana, ayoma lapho kanye nawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:16
14 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude.


UMose, u-Aroni, uNadabi, u-Abhihu namalunga akwa-Israyeli angama-70 bakhuphuka,


“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


Amadodana kaJosefa azalelwa eGibhithe aba mabili, ngakho-ke bonke abendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengama-70.


Abangama-70 babuya bejabulile, bethi: “Nkosi, ngisho namadimoni ayasithobela ngegama lakho.”


Sekwedlule konke lokho, iNkosi yakhetha abanye abangama-70, yabathumela ngababili ukuba bayandulele, baye emizini nasezindaweni zonke ezakuya kuzo.


Lapho kwakumi abantu abangama-70, abangamalunga endlu yakwa-Israyeli; phakathi kwabo kunoJahazaniya, indodana kaShafani. Yilowo nalowo muntu wayephethe ngesandla isitsha sakhe sempepho, nephunga lefu lempepho lenyukela phezulu.


UMose no-Aroni bahamba baqoqa wonke amalunga abantu bakwa-Israyeli.


Ngiqoqele wonke amalunga ezizwaneni zenu nezinduna zenu ukuze ngikhulume kuwo lawa mazwi, elalele, ngibiza izulu nomhlaba kube ngufakazi.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaSimakade; waqoqa amadoda angama-70 angamalunga abantu, wawamisa ethendeni nxazonke.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Hamba uthenge uphiso lobumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abaphristi,


UMose wasukuma waya kuDathani naku-Abhiramu; amalunga akwa-Israyeli amlandela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite