Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:11 - IsiZulu 2020

11 UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMozisi wasesithi eNkosini: Uyicindezeleleni inceku yakho? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo walesi sizwe phezu kwami na?

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:11
16 Referans Kwoze  

Mina ngedwa ngingazithwala kanjani izinhlupheko zenu, imithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?


UMose wabuyela kuSimakade, wathi: “Nkosi, yini wenze okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina kubo na?


Ngaphandle kwalokhu, ngihlale ngiphansi kokucindezelwa imihla yonke ngenxa yokukhathazeka kwami ngamabandla wonke.


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Ngiyakwenzani ngalaba bantu na? Sekusele kancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite