Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 11:10 - IsiZulu 2020

10 UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo ngasemnyango wethende lakhe. Intukuthelo kaSimakade yavutha kakhulu, lokhu kwamdabukisa kakhulu uMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba yilowo nalowo muntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UMose wezwa abantu bekhala ngemindeni yabo, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe; ulaka lweNkosi lwavutha kakhulu; UMose naye akazange ajabule.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 11:10
19 Referans Kwoze  

Ngakho-ke lapho uSimakade ekuzwa lokho, wathukuthela, kwavutha umlilo kwaJakobe, ulaka lwakhe lwehlela ku-Israyeli,


UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na?


Bakhononda besemathendeni abo; abaze balihlonipha izwi likaSimakade.


Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


Base bekhuphuka ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu nomkabo namadodana nezingane zabo, baphuma bama ngasemnyango wamathende abo.


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


Lapho amazolo ehlela enkanjini ebusuku nemana yayehla.


UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na?


Intukuthelo kaSimakade yabavuthela; wayesehamba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite