Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 10:9 - IsiZulu 2020

9 Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi uma nilwa ezweni lakini ngokumelene nesitha esinicindezelayo, kufanele nihlabe umkhosi ngamacilongo; uyakukhunjulwa phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhululwe ezitheni zakho.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 10:9
34 Referans Kwoze  

Wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘U-Israyeli ngamkhuphula eGibhithe, ngamhlenga esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sayo yonke imibuso eyayimcindezela.’


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.


Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.


Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho,


Lapho abakwaJuda bebheka emuva; bheka, kwakukhona amabutho phambi kwabo nasemuva kwabo. Bakhala kuSimakade, abaphristi bashaya amacilongo.


AmaSidoni, ama-Amaleki, nabakwaMahoni banicindezela, nakhala kimi, nganikhulula esandleni sabo.


babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi.


Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.”


UMose wawathumela empini, inkulungwane ivela kuleso naleso sizwana kanye noFinehasi, indodana ka-Eleyazare, umphristi, ephethe ngesandla izitsha zendawo engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi.


Ngokuba uma icilongo likhala ngomsindo ongaqondakaliyo, ngubani ozakuzilungisela impi na?


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’


Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?


O, buhlungu bami, buhlungu bami, inhliziyo yami iyaqaqamba; iyabubula inhliziyo yami, anginakuthula, ngokuba umphefumulo wami uwuzwile umsindo wecilongo, kuhlatshwa umkhosi wempi.


“Memezelani kwaJuda, nihlabe umkhosi eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze, nithi: ‘Buthanani, masihambe siye emizini ebiyelweyo.’


“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo.


owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


UMoya kaSimakade wehlela kuGideyoni, washaya icilongo, ama-Abhiyezeri abuthana, amlandela.


nganikhulula esandleni sabaseGibhithe, nasesandleni sabo bonke ababenicindezela, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo;


Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.


usuku lokukhala kwecilongo nokukhuza iziqubulo zempi emizini ebiyelweyo nasemibhoshongweni esemakhoneni.


“Bethani uphondo eGibheya, nishaye icilongo eRama; nihlabe umkhosi eBhethi Aveni nithi: Baphezu kwakho Bhenjamini!


Babethile icilongo, balungisa konke; kodwa akekho ophuma impi, ngokuba ulaka lwami luphezu kwaso sonke isixuku sabo.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga, niyoba nosuku lokuphumula ngokuphelele, umhlangano ongcwele, oyoba yisikhumbuzo ngokuba nishaye amacilongo.


Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite