Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 10:25 - IsiZulu 2020

25 Kwase kusuka ibhanela lenkambu yabozalo lukaDani, ngamabandla ayo, lona lalisemva kwazo zonke ezinye izinkambu. Owayelihola kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Lase likhuphuka ibhanela lekamu labantwana bakwaDani, elingumvuzo wamakamu onke ngamaviyo awo; phezu kwebutho lakhe kwakungu-Ahiyezeri indodana ka-Amisadayi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 10:25
12 Referans Kwoze  

Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula.


KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


Ngosuku lweshumi kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi, umholi wabozalo lukaDani.


Iqembu lesizwana sabozalo lukaBhenjamini laliholwa ngu-Abhidani indodana kaGideyoni.


Ibandla lesizwana sabozalo luka-Asheri laliholwa nguPhagiyeli, indodana ka-Okhirani.


Abaphristi abayisikhombisa ababephethe amacilongo ezimpondo zezinqama ayisikhombisa, bedlula phambi komphongolo kaSimakade beshaya amacilongo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabo, amanye alandela umphongolo kaSimakade, kwathi abashaya amacilongo bawashaya bengaphumuli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite